6. Kepha lokho kwaba yizibonelo kithi, size singafisi okubi, njengalokho bona babekufisa.
7. Futhi ningabi ngabakhonza izithombe njengabanye kubo, njengokulotshiweyo ukuthi: “Abantu bahlala phansi ukuba badle, baphuze, basukuma ukuba badlale.”
8. Futhi asingenzi ubufebe njengokuba abanye kubo benza ubufebe, bafa ngalusuku lunye abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu.
9. Futhi asingayilingi iNkosi njengabanye kubo bayilinga, babhujiswa yizinyoka.
10. Futhi ningakhononi njengabanye kubo bakhonona, babhujiswa ngumbulali.