1 Kuthimothewu 1:3-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Njengokuba ngakutshela mhla ngiya eMakedoniya ukuthi wohlala e-Efesu, ukuze uyale abathile ngokuthi bangafundisi okwahlukileyo,

4. futhi banganaki izinganekwane nezindaba zolibo olokuzalana ezingapheliyo, ezibanga ukuphikisana kunokuba ziqhube isimiso sikaNkulunkulu esisekukholweni, ngenza njalo namanje;

5. kepha umgomo womyalo uluthando oluvela enhliziyweni emhlophe, nakunembeza omuhle, nasekukholweni okungazenzisiyo,

6. abathe abanye bephaphalazile kulokho, baphambukela ekukhulumeni okuyize,

7. befuna ukuba babe ngabafundisi bomthetho, ingani kabaqondi abakushoyo nabaqinisa ngakho begomela.

1 Kuthimothewu 1