3. EJerusalema kwahlala kubantwana bakwaJuda, nakubantwana bakwaBenjamini, nakubantwana bakwa-Efrayimi noManase:
4. ngu-Uthayi ka-Amihudi ka-Omri ka-Imri kaBani kubantwana bakwaPheresi kaJuda.
5. KumaShiloni: ngu-Asaya izibulo namadodana akhe.
6. Kumadodana kaZera: nguJehuweli nabafowabo, bengamakhulu ayisithupha namashumi ayisishiyagalolunye.
7. Kumadodana kaBenjamini: nguSalu kaMeshulamu kaHodaviya kaHasenuwa,
8. no-Ibineya indodana kaJerohamu, no-Ela ka-Uzi kaMikiri, noMeshulamu kaShefathiya kaRehuweli kaJibiniya,
9. nabafowabo ngezizukulwane zabo, bengamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisihlanu nesithupha. Bonke labo bantu babe yizinhloko zezindlu zawoyise ngokwezindlu zawoyise.