1 Izikronike 4:5-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. U-Ashuri uyise kaThekhowa wayenabafazi ababili, oHela noNahara.

6. UNahara wamzalela o-Ahuzamu, noHeferi, noThemeni, noHawahashitari. Yilabo ababe ngamadodana kaNahara.

7. Amadodana kaHela: ngoSereti, noJisihari, no-Ethinani.

8. UKhosi wazala o-Anubi, noSobeba, nemindeni ka-Ahariheli indodana kaHarumu.

9. UJabesi wayetuseka kunabafowabo; unina wamqamba igama lokuthi uJabesi,* ethi: “Ngokuba ngamzala ngibuhlungu.”

1 Izikronike 4