36. no-Eliyohenayi, noJahakhoba, noJeshohaya, no-Asaya, no-Adiyeli, noJesimiyeli, noBenaya,
37. noZiza kaShifi ka-Aloni kaJedaya kaShimri kaShemaya.
38. Labo ababizwe ngamagama babeyizikhulu emindenini yabo; izindlu zawoyise zanda kakhulu.
39. Baya ngasekungeneni eGedori ngasohlangothini lwasempumalanga kwesigodi ukufunela izimvu zabo idlelo.
40. Bafumana idlelo elivundileyo nelihle; izwe lalibanzi nxazombili, lizolile, linokuthula, ngokuba ababehlala khona kuqala babe ngabakwaHamu.