26. Amadodana kaMishima: ngoHamuweli indodana yakhe, noZakuri indodana yakhe, noShimeyi indodana yakhe.
27. UShimeyi wayenamadodana ayishumi nesithupha namadodakazi ayisithupha; kepha abafowabo babengenabantwana abaningi, nomndeni wabo awandanga njengabantwana bakwaJuda.
28. Bahlala eBeri Sheba, naseMolada, naseHasari Shuwali,
29. naseBiliha, nase-Esemi, naseTholadi,
30. naseBetuweli, naseHorma, naseSikilagi,
31. naseBeti Marikaboti, naseHasari Susimi, naseBeti Biri, naseShaharayimi. Yileyo eyayiyimizi yabo kwaze kwabusa uDavide.
32. Imizana yabo yayiyi-Etamu, ne-Ayini, neRimoni, neThokheni, ne-Ashani, imizi eyisihlanu,