8. UDavide esezwile lokho wamthuma uJowabe nempi yonke yamaqhawe.
9. Abantwana bakwa-Amoni baphuma, bahlela impi ngasesangweni lomuzi; kepha amakhosi ayefikile ayewodwa endle.
10. UJowabe esebona ukuthi impi ibhekene naye ngaphambili nangasemuva, wakhetha kwabakhethekileyo bonke bakwa-Israyeli, wabahlela ukuba balwe nama-Aramu;
11. abantu abaseleyo wababeka esandleni sika-Abishayi umfowabo, bazihlela ukulwa nabantwana bakwa-Amoni.
12. Wathi: “Uma ama-Aramu engahlula, uyakungisiza; kepha uma abantwana bakwa-Amoni bekwahlula, ngiyakukusiza.
13. Qinani, masiziqinise ngenxa yabantu bakithi nangenxa yemizi kaNkulunkulu wethu; uJehova makenze okuhle emehlweni akhe.”
14. UJowabe nabantu ababe naye base besondela kuwo ama-Aramu ukuba balwe; kepha abaleka phambi kwakhe.
15. Lapho abantwana bakwa-Amoni bebona ukuthi ama-Aramu abalekile, babaleka nabo phambi kuka-Abishayi umfowabo, bangena emzini; kepha uJowabe waya eJerusalema.