1 Izikronike 16:40-43 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

40. ukuba banikele njalo ngeminikelo yokushiswa phezu kwe-altare lomnikelo wokushiswa ekuseni nakusihlwa njengakho konke okulotshiweyo emthethweni kaJehova ayala ngawo u-Israyeli,

41. bekanye nabo oHemani noJeduthuni nensali yabakhethiweyo abakhonjwa ngamagama ukuba bambonge uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

42. kwakukhona kubo, oHemani noJeduthuni, amacilongo namasimbali* alabo abayakuwakhalisa, nezinto zokubethwa kuNkulunkulu; amadodana kaJeduthuni ayengasesangweni.

43. Base behamba baya, kwaba yilowo nalowo endlini yakhe; uDavide wabuya ukubusisa indlu yakhe.

1 Izikronike 16